Song of Solomon 1
1 Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.
2 Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
3 Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
4 Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.
5 Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.
6 Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.
7 Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?
8 Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.
9 Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.
10 Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.
11 Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva.
12 Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.
13 Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure* kimi, olele phakathi kwamabele ami.
14 Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena* ezivinini zase-Eni Gedi.
15 Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.
16 Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.
17 Imishayo yendlu yethu iyimisedari,* nemiqhadi iyimisayipuresi.*